Kuthiwa abagibele amatekisi osonhlalakahle ngenxa yokudunwa kwezimoto zikahulumeni

2017-10-27 07:00

eMgungundlovu - Badinwe bayaveva osonhlalakahle bakaMbilakhahlela, eMgungundlovu, abatshelwe ukuthi abasebenzise izimoto zabo uma behambela umphakathi, bazofakelwa amafutha.

Lokhu kulandela ukwanda kwezigameko zokudunwa kwezimoto zoMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi.

Kuthiwa abasebenzi abangenazo izimoto bagibele amatekisi uma behambela imiphakathi eyahlukahlukene benza umsebenzi wabo.

Laba basebenzi bathi lokhu kuvele ngesikhathi benomhlangano wokudingida le nkinga ababhekene nayo yokudunwa kwezimoto nomqondisi omkhulu ngoLwesihlanu.

“Sidinwe siyaveva umnyango usithatha kancane, sabatshela ukuthi bathenge olunye uhlobo lwezimoto ngoba izigebengu zidlange ekuduneni lezi zohlobo lwe- Hilux kunalokho bazosiphuca zonke izimoto baqeda lapho bazositshela kuthi sisebenzise izimoto zethu namatekisi.

"Bake bayizama lento yokuthi sigibele amatekisi kodwa yangalunga ngoba sigcina singazihambelanga zonke izindawo. Sesifuna iNhloko yoMnyango ingenelele kanye nezinyunyana zethu ngoba thina sesihlulekile kanti nomsebenzi wethu uyaphazamiseka,” kubeka omunye umsebenzi ongathandanga ukuba igama lakhe lidalulwe.

OLUNYE UDABA:Bahlangabezane nezimbila zithutha abebezama ukubamba 'imoto yemali'

Lesi sisebenzi sithi asiboni lento izophumelela ngoba ziningi izindawo abazihambelayo futhi ziqhelelene okusho ukuthi umuntu ongenayo imoto kungadingeka ukuba agibele kaningi.

"Bekuzoba ngcono ukube bathatha lemali bafaka ama-tracker kanye nama panic button okuyinto engaba yisisombululo kulomkhuba wokudunwa kwalezimoto.

Imizamo yokuthola ukuphawula koMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ayiphumelelanga njengoba ucingo luka Mnu Vukani Mbhele belukhala lungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela, kubika i-KZN Eyethu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.