Durban
– Kuthiwa zimbi izinto kuMamelodi Sundowns njengoba abanye abadlali bengajabule
ngokuphila impilo yokubolekiswa yileli qembu lezinjinga.
IDowns
yaziwa ngokuthenga abadlali bese ibolekisa ngabo, okuyinto ekuthiwa isibami emphinjeni abanye abadlali.
Iphephandaba
iLANGA libika ukuthi abadlali abathathu – oSibusiso Khumalo, Kwanda Mngonyama
noBonginkosi Ntuli – abasafuni ukuba semabhukwini eSundowns.
Omunye
wabadlali uthe bahlela ukuyisa leli qembu kuSouth African Football Players
Union ngesenzo salo.
OLUNYE
UDABA: Senziwe ihlaya isenzo seKaizer Chiefs ngomdlali
“Sesikhathele
ukulokhu sintuntiswa sifukuza emaqenjini esingasayinanga kuwo. Sithi la
sesijwayela khona, bese siyiswa kwelinye futhi iqembu. Sekwanele,” kusho umdlali
ongathandanga ukudalulwa igama.
Okhulumela
iqembu uThulani Thuswa uthe umqeqeshi nguye onezwi lokugcina ngabadlali
afuna ukubasebenzisa.
“Ngeke
ngikwazi ukuphawula okwamanje. Siyazi impela ukuthi kukhona abadlali
abangajabule ngokubolekiswa,” esho.