Kuthiwa adayisa imali encane ama-DVD omngcwabo kaNcwane

2017-01-10 10:02

Durban – I-DVD yenkonzo yomngcwabo wesihlabani somculo wokholo, uSfiso Ncwane, idayisa okwamakheke ashisayo emigwaqeni yaseThekwini, kubika iphephandaba iSolezwe.

Ama-DVD, okubonakalayo ukuthi awokuzenzela futhi anezithombe zikaNcwane, aqale ukusabalala ezinkundleni zokuxhumana kusukela ngemuva komngcwabo owawubanjelwe eMoses Mabhida eThekwini.

Ama-DVD adayiswa emgwaqeni uWarwick emakethi, eThekwini.

Uma uzihambela emigwaqeni uzwa abantu abadayisa emigwaqeni bememeza bethi, “atholakala ngo-R10 ama-DVD enkonzo yomngcwabo kaSfiso Ncwane”.

Abantu abakhulume naleli phephandaba bathi iyatholakala nango-R8 noma u-R5 uma ungenawo u-R10.

OLUNYE UDABA: Licishe lashaya amaphoyisa ekhehla libanjwa lenza ucansi emotweni

Kwikhava ye-DVD kuvela nabaculi ababecula enkonzweni yomngcwabo, ibhokisi kanye nemeya yeTheku uZandile Gumede.

Okhulumela iNcwane Communications, u-Asanda Mpaise, ushaqekile ezwa lezi zindaba, wathi bona abakwazi lokhu.

“Kubuhlungu futhi kuyadumaza ukuthi abantu bangazama ukwenza imali ngesimo esibuhlungu kangaka,” usho kanje.

INcwane Communications icele ukuba ababona abantu bedayisa lama-DVD baxhumane nabo ku-031 301 2380, kubika iSolezwe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.