Kuthiwa amaphoyisa azoqinisa isandla kula maholidi

2016-12-23 16:00

Johannesburg - UNgqongqoshe wezokuThutha, uDipuo Peters, unxusa bonke abashayeli bezimoto ukuba babeke phambili ukuphepha kulesi sikhathi sonyaka njengoba iningi kulindeleke ukuba lingene indlela namuhla (ngoLwesihlanu).

UPeters uthe sebebaningi abantu abashone ngenxa yobudedengu nokuziphatha kabi kwabashayeli abakhetha ukungayilandeli imithetho yomgwaqo.

OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe uyalele ukuba kwenziwe uphenyo ngezingozi eKZN

Isikhulumi salo Mnyango, u-Ishmael Mnisi, sithe kuzotshalwa amaphoyisa yonke indawo kanti futhi azoqinisa isandla kulo lonke leli.

"Ungqongqoshe uyalele ukuba amaphoyisa aqaphe ngelokhozi futhi angazwelani nabephula imithetho yemigwaqo kanye nalabo abatholakala nezincwadi zokushayela ezingekho emthethweni.

"Amaphoyisa azobe ethe chithi saka kuzo zonke izindawo ezidume ngobugebengu kubalwa nezindawo zobumnandi nasemakhaya."

 - EWN

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.