Kuthiwa awuhloliwe ngodokotela umxovo odla ubhedu i-cinnamilk

2017-09-29 16:01

Johannesburg - Ingenisile i-cinnamon nobisi kulezi zinsuku njengoba nasezitolo ithengisa okwamakhekhe ashisayo.

Lokhu kuza ngemuva kokuba indoda ifake isithombe sebhokisi le-cinnamon, ikhathoni lobisi noswidi iHalls enkundleni yezokuxhumana, ithi abanye abantu besifazane angeke bakwazi lokhu.

Kodwa ngemuva kwemizuzwana, kuphayize ilambu elibomvu ezinkundleni zokuxhumana, abantu besifazane besho abakwaziyo ngalo mxovo.

OLUNYE UDABA:Bawafuna la amakhondomu ogogo, bathi awusizo

Iningi labo lithe lo mxovo wenza izimanga esithweni sangasese, bathi uyasiqinisa futhi abasheshi ukufika kuvuthondaba.

Enkundleni yezokuxhumana i-Twitter, uMoghele Mammie ube esekhipha amathiphu emiphumela emihle.

"Thela isigamu se-teaspoon ye-cinnamon engilazini yobisi olufudumele, ugoqoze mase uyaphuza ngaphambi kwehora noma imizuzu engu-30 kuqale inkonzo yasekamelweni. Inkomo izoqina, isoka lakho angeke lifune ukusuka kuwe."

UNomonde Mlotshwa yena ubone sengathi imbhudane yonke le nto eyenziwa abantu.

UMzukisi Grootboom we-SA Medical Association uthe: "Lo mxovo awuhloliwe ngokwezempilo. Abantu akufanele benze izinto ezizofaka imizimba yabo engozini."

 - Twitter:


 - Daily Sun

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.