Johannesburg - Indodana yesinye sezikhulu eziphezulu kwezemidlalo iyalelwe ukuba inike inkosikazi yayo indathane yemali ngaphambi kokuba kuphothulwe idivosi yabo.
Inkosikazi yale ndoda inikwe imali engu-R50 000 nemali engu-R30 000 wezingane zabo ezimbili, ingane ngayinye izothola imali engu-R15 000.
Lezi zithandani zahlukana ngonyaka ophelile kulandela ukuvulwa kwamacala okuhlukunyezwa esiteshini samaphoyisa.
OLUNYE UDABA: U-Andile uncenga unkosikazi osefuna idivosi - Umbiko
Ukuhlukana kwazo kwaphuma emaphephandabeni kwaze kwafika ekutheni ziqalise izinhlelo zedivosi.
Inkosikazi yaphinde yanikezwa nesamba semali engu-R75 000 noR25 000 wanyanga zonke.
Kule mali engu-R200 000 kubalwa zonke izidingo ezifana nemali yakwadokotela, imali yokukhokhela abantwana ezikoleni nokunye.
Ngokusho kweSunday World amagama alezi zithandani agodliwe njengoba esezinhlelweni zokuphothula idivosi.
Le ndoda yake yadlalela ikilabhu kayise kanti futhi manje isisebenzela yona.
- The Citizen
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter