Kuthiwa iphoyisa belisho ukumudla ngoba eyisitabane

2017-01-30 13:01

Durban - Kusuke esinamathambo phakathi kwesikhulu samaphoyisa nowesifazane oyisitabane kubangwa indawo yokupaka okuthiwa iphethe ngokuthi iphoyisa lithi: "Ngifuna ukukufundisa inhlonipho sitabane ndini."

Lesi sigameko senzeke eWestville Girls High School eWestville, entshonalanga yeTheku lapho lo sigaxamabhande okuthiwa uphethe ophikweni lwakwaCrime Intelligence KwaZulu-Natal ehlwithe ukhiye walona wesifazane wawuphosa esikhotheni, kubika iphephandaba ILANGA.

UNkz Wendy Khumalo, 35, uthi kusuka le ngxabano nje leli phoyisa lifike epakile elinde indodakazi yakhe ebisesikoleni nalo liyolanda eyalo. Kumanje usevulele lesi sikhulu icala lokumhlukumeza kwazise lokhu likwenze phambi kwabazali bezinye izingane ezifunda nendodakazi yakhe, abebegcwele lapho kupakwa khona.

"Kuqhamuke iBMW X5 emnyama yama ngemuva kwemoto yami. Ithe isuka yabe isishaya amalambu aluhlaza amaphoyisa. Kangizange nginake ukuthi ishayela mina amalambu ngaqhubeka nokuhlala emotweni yami ngizichofela ifoni," kusho yena.

Uthi indlela abepake ngayo ibingaphazamisi muntu, yingakho engazange awanake amalambu aluhlaza uma ebanika ngemuva kwemoto yakhe.

"Ngibone ngendoda isime eduze kwewindi lemoto yami ingitshela ukuthi mangipake kahle ngoba nayo ifuna ukupaka imoto yayo. Ngiyitshele ukuthi mayipake ikhululeke imoto yami kayivimbile. Isuke ngaleso sikhathi yabuyela emotweni yayo ithukuthele ngokubona ukuthi into engiyitshela yona kangihambisani nayo.

"Ijike isisemotweni yabuya, ngiyasola ukuthi ithukutheliswe wukuthi ibangisana nesitabane. Ibuye seyinolaka yaqonda kimina yafike yangitshela ukuthi ifuna ukungifundisa inhlonipho ngoba ngiyisitabane, kanginayo inhlonipho qede yadonsa ukhiye wemoto yami yawulahla esikhotheni kwahlakazeka iziqhebezabuqama (remotes) zokuvula isango lakwami," kuchaza uNkz Khumalo.

Uthi uthwale kanzima ukuvula isango lakwakhe kwazise iziqhebezabuqama besezifile.

"Kuke kwathatha isikhathi eside sibheka ukhiye singawutholi ngaze ngasizwa ngabanye abazali bezingane ezifunda nendodakazi yami abayibonile le nto ngesikhathi yenzeka. Okungidina kakhulu kuyona yonke le nto wukuthi ungihlukumeze kanjena ngoba ethi ngiyisitabane," kusho uNkz Khumalo.

OLUNYE UDABA: Uzinikele emaphoyiseni osolwa ngokubulala intombi kubuka ingane

Uthi ufuna sifunde isifundo lesi sikhulu ukuthi singasebenzisi ukuba ngumphathi wamaphoyisa ukuhlukumeza abantu. Kwakhona lokhu abekwenza emshayela amalambu aluhlaza, uthi ubesaqhuba khona ukusebenzisa ukuthi lo sigaxamabhande "unamandla" okwenza noma yikanjani emgwaqweni ngoba eyiphoyisa.

ILANGA lithole ngemithombo yalo engashayi eceleni ukuthi vele lesi sikhulu umthetho waso siyadelela siqhuba intwala ngewisa, sinoxhaxha lwamacala okuhlukumeza abantu esivulelwe wona.

Okhulumela iLesbian and Gays Community Health Centre, uMnu Sibongiseni Khumalo, usigxeke kakhulu isenzo saleli phoyisa wathi lokhu elikwenzile kukhombisa ukudelela nokubukela phansi izitabane.

"Sizohlela ukuthi sixhumane noNkz Khumalo ukuze sizomeseka ngakho konke ngecala alivulele leli phoyisa," kusho uMnu Khumalo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi likhona icala elivuliwe lokucekela phansi impahla kodwa kakukaboshwa muntu kanti amaphoyisa asenza uphenyo.

Kwenzeka lesi sigameko nje, indaba yezitabane isematheni njengoba unontandakubukwa oyisitabane, uSomizi Mhlongo evele wathi lacu waphuma eGrace Bible Church enengwa yintshumayelo yombhishobhi waseGhana obeyisivakashi kuleli sonto, uDag Howard-Mills.

Lo mbhishobhi uthe: "Ngeke uzithole izinja ezimbili zesilisa, amabhubesi amabili esilisa, izimpala, amakati amabili esilisa ngisho izigcilikisha imbala, izindlovu ezimbili zesilisa, amadoda amabili. Kayikho into enjalo emvelweni, iphambene nemvelo."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.