Kuthiwa lithuka izanya ikhansela le-EFF elisongelwa ngokufa

2016-11-30 13:31

eJozini -  Lihlafuna lijeqeza ikhansela le-EFF ngaphansi kukaMasipala waseJozini kulandela ukuthola izinsongo zokubulawa.

USiphamandla Myeni uthi usehamba engakhululekile kusukela athola umlayezo wokuthi ngeke uphele unyaka esaphila.

UMyeni usola ezepolitiki ngalokhu kusatshiswa kwakhe.

"Ngenyanga kaSepthemba ngesikhathi kunezinkinga zokuhlala komkhandlu walo masipala, kukhona abatshela intombazane engiyijwayele ukuba iyongivulela icala lokuyidlwengula.

"Le ntombazane yaya emaphoyiseni yabika ukuthi kunabantu abayiphoqa ukuba ivule icala elingamanga futhi bayithembisa ukuyikhokhela," esho.

Uthe esabheke lokho kwentombazane, kwaqala kwangena imiyalezo emsabisayo kanti uthi akazi ukuthi iphuma kubani ngoba inombolo ethunyelwa ngayo ayibhalisiwe.

UMyeni uthi okumsabisa kakhulu wukuthi lo muntu omthumela le miyalezo wazi zonke izinyathelo zakhe ngisho nezindawo azihambelayo.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa ikhansela le-ANC eKZN

Le milayezo evezwe yiphephandaba iSolezwe ifundeka kanje:

"Councillor I just want to let you now that you will be killed soon, we know your house at Mkuze and your home Makhonyeni. You won't finish your term of office."

"Uzoshaywa emini mfowethu, ngithi angisho nje, you survived not to go to jail."

"Ngeke uphele lo nyaka ndoda."

"We know you are back from mpangeni to mkuze today. Sizazi zonke izindlela zakho, buya ubuye uphuze."

UMyeni uthi unalo uvalo oluncane ngale miyalezo ngoba akazazi izitha zakhe ukuthi zingobani.

Yize kunjalo, uthe uzoqhubeka nomsebenzi wakhe futhi usevule icala lokusabisa emaphoyiseni aseMkhuze.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.