Kuthiwa oweBhakabhaka ufuna ama-love back kowayeyintombi

2017-01-22 13:30

Johannesburg - Ogijima neqembu le-Orlando Pirates odabuka eZimbabwe, uTendai Ndoro kuthiwa namanje usabuhlungu kulandela ukuhlukana no-Ado Adams.

Kusolwa ukuthi ulokhu ehlukumeza owayeyintombi yakhe u-Ado efuna ukuthi babuyelane, emthumelela nemiqhafazo emsabisayo.

Lesi simomondiya esingu-Ado sasijola noNdoro kudala kodwa bahlukana ngokuhamba kwesikhathi.

OLUNYE UDABA: OwePirates uyasiphika isimomondiya seSibaya

UNdoro wake wezwakala ethi: "Mina no-Ado sasijola. Ngisamthanda. Uyohlezi esenhlizweni yami.Ngifuna sibuyelane."

U-Ado ekhuluma nabeSunday Sun uthe usekhathele uNdoro ngoba bobabili babefuna ukubuqeda ubudlelwano babo.

"Lo bhuti ulokhu engihlupha, efuna uthando. Angeke ngivume ngoba ngiyazi ukuthi uyindoda ethanda umndeni.

"Kodwa uzama ngazo zonke izindlela ukumosha ubudlelwano bami, ethi isoka lami lilokhu lithumelela inkosikazi yakhe imiqhafazo- okungamanga aluhlaza cwe!

"Ubuhlungu ngoba sengithole umuntu ongcono kunaye," usho njalo.

"Kufanele akhohlwe osekwadlula akhule. Mina sengiqhubekile nempilo yami, naye kufanele enze njalo."

UNdoro akatholakalanga ephawula njengoba ehambele eGabon kowe-Afcon.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.