Kuthiwa ubebalekela osomatekisi odale ingozi

2017-02-06 13:01

eFilidi - Abazibonele ngawabo bathi umshayeli wemoto encane edale ingozi edlule nomphefumulo, ubebalekele osomatekisi.

Kuthiwa umshayeli wale moto ubesanda kusuka edolobheni eFilidi elayishe abantu wase ebaleeala ukuthi abanikazi bamatekisi bazolwa naye ngoba abantu bazimoto ezincane abasavumelekile ukulayisha abantu kuleli dolobha.

Okhulumela abe-Road Traffic Inspectorate kwaZulu-Natal uZinhle Mngomezulu uthe ngeke akwazi ukuqinisekisa isizathu sale ngozi ngoba abawutholanga umbiko walezi zinsolo.

OLUNYE UDABA:Kushaywe owesilisa kungqubuzana abamatekisi kuMngeni, eThekwini

"Umbiko esiwutholile owokuthi zine izimoto ezithintekile kule ngozi kanti kuzona lezi zimoto bekukhona namaveni amabili.

"Kuthiwa la maveni abezama ukugwema imoto encane, enye ishayise udonga le bhuloho enye yashayisana nayo imoto encane kwashona abantu ababili," kusho yena.

Ngesikhathi ethintwa abeSolezwe, onguSihlalo wenhlangano yamatekisi iSantaco uBoy Zondi uthe ubengakezwa ngale ngozi okusolwa abanikazi bamatekisi ngayo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.