Kuthiwa ubengazi nanyaka umfundi odlwengulwe omunye ebhasini

2017-10-30 14:02

Durban - Kusabatshazwa ihlazo lomfundi waseQalakahle High School eBhamshela, enyakatho yeTheku osolwa ngokudlwengula uzakwabo kade kuhanjwe nesikole ngomhlaka-20 Okthoba, kuyiwe eThekwini kuyongcebelekwa.

Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke ebhasini abafundi abebehamba ngalo, sekubuywa eThekwini.

Kuthiwa lo mkhuba uwugile phakathi ebhasini kukhona nabanye abafundi bebukela.

Umthombo weLANGA ulihlebele ukuthi lo mfundi odlwenguliwe ubengazi nanyaka njengoba kusolwa ukuthi kukhona abefakelwe khona esiphuzweni sakhe.

Kuthiwa esebanjiwe umsolwa, ushaye uthisha obezama ukumkhuza ngesikhathi egila lo mkhuba.  

"Lezi zingane bezihambe nesikole ziye eThekwini, kubikwa ukuthi umsolwa uqale watshela umshayeli webhasi ukuba acishe amalambu. Umshayeli ukwenzile lokho, kuthe sekucishiwe wabe esedlwengula lo zakwabo.

"Nakhona ukuze abanjwe, kusize omunye umfundi obonile watshela umshayeli, kwaziswa nothisha abebekhona ebhasini. Umshayeli ukhanyise amalambu wabanjwa umsolwa," kusho umthombo.

Uthi umfundi odlwenguliwe uphuthunyiswe esibhedlela esesimweni esibucayi. Zimkhalele umsolwa ngoLwesihlanu olwedlule.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa aseNsuze aphenya icala lokudlwengula kanti ukhona umsolwa oboshiwe.

Uthi umsolwa amaphoyisa amfice ekubo eChibini kanti kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaKwaMaphumulo namuhla ngoMsombuluko.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.