Kuthiwa ubenyamanambana usomatekisi odutshulelwe eHammersdale

2018-01-23 16:00

eThekwini - Iyaqina impi yamatekisi elokishini laseMpumalanga esifundazweni sakwaZulu-Natal njengoba kuhlaselwe osomatekisi ababili ngoMsombuluko.

Ekuseni ngoMsombuluko kuhlaselwe usomatekisi wakule ndawo kuthela wayeka u-N3.

Lo somatekisi ogama lakhe nguMthetho Ngubane utholakale edindilizile emotweni yakhe kuthela wayeka ngasebhulohweni elingenela eHammersdale.

Okhulumela amaphoyisa uNqobile Gwala uthe: "Umufi utholakale edindilizile enamanxeba okudutshulwa. Kuvulwe icala lokubulala emaphoyiseni aseHammersdale." 

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa usomatekisi waseHammersdale ku-N3

Ngemuva kwesigameko sokuhlaselwa kukaNgubane, kube sekuzwakala imibiko yokuhlaselwa komunye usomatekisi elokishini laseHammersdale ngoMsombuluko ntambama.

UMnu SSM Makhaye udutshulwe wabulawa esemzini wakhe esigcemeni sase-6 eHammersdale.

UMakhaye kuthiwa uyena obeqaphe umsebenzi wamatekisi emzileni ohambela phakathi kweHammersdale kanye nePetermaritzburg.

Imibiko evunguza phansi kuleli lokishi ithi uMakhaye ubenyamanambana kule mboni ngenxa yezinqumo ezithile ayezithatha ezazicindezela abanye.

Ngokusho komthombe weZindaba24 ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa ngenxa yezokuphepha, uthi abaningi bebesola uMakhaye ngokuhlaselwa kukaNgubane.

"UNgubane ubenamatekisi amane kanye nelilodwa elikhulu elihlala abantu abangu-22, leli tekisi lakhe lalimisiwe ukuba lingasebenzi. UMakhaye uyena olawula umsebenzi ngakhoke uyena owamisa leli tekisi.

"UNgubane ubelokhu ezama ukubuyisela itekisi lakhe emsebenzini kodwa ehluleka. Ukuhlaselwa kwakhe kubonakale kuyindlela yokumnqanda kwimizamo yakhe yokufaka leli tekisi ukuba lisebenze," kusho umthombo.

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.