Kuthiwa ubeyisiphalaphala owesifazane obambe inkunzi isitolo sama-weave

2018-03-27 14:03

Johannesburg - Amaphoyisa ase-East London athungatha abasolwa abahlanu abebehlomile abagasele esitolo esidayisa izinwele zokufakelwa (ama-weave) iHair Weave Masters, eVincent, babaleka nesamba semali esingaziwa, izinwele zohlobo lwama-Peruvian angabiza u-R20 000 kanye namaselula.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nkosikho Mzuku, uthe isigameko sokuphanga kuhlonyiwe senzeke ngeSonto kuDouglas Road kanti besiholwa ngumuntu wesifazane oyisphalaphala ongene yedwa esitolo.

"Ube esezenza umuntu onentshisekelo yokuthenga izinwele ngaphambi kokukhiphela omunye wabasebenzi bakulesi sitolo isibhamu. Abasebenzisana nalo wesifazane babe sebengena bathatha yonke impahla endaweni yokucwala izinwele.

OLUNYE UDABA:IGqom Queen ebhizinisini lezinwele zokufakelwa

"Abasolwa babaleke endaweni yesigameko ngemoto yohlobo lwe-Toyota Avanza emhlophe. Abaseshi bamatasa endaweni yesigameko baqoqa ubufakazi," kusho uMzuku.

Akudutshulwanga muntu futhi akekho olimalile ngesikhathi kuqhubeka lesi sigameko esenzeke emini, kusho uMzuku.

 - SowetanLive

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.