Kuthiwa ubulawe ukweqisa ezidakamizweni owayedlalela iBafana

2016-07-31 14:05

Durban - Umbiko usuveze ukuthi wabulawa ukweqisa ezidakamizweni lowo owayedlalela u-Under 23 weqembu lesizwe ebholeni lezinyawo, uSimphiwe "Boy Boy" Mosia, 31.

UMosia ubengcwatshwa ngoMgqibelo kubo eHammersdale, KwaZulu-Natal.

Imithombo yeSunday Sun ithi uMosia ubesanda kuthola umsebenzi omusha, wase ethatha umholo wakhe wokuqala wawubhubhudla ngokuthenga izidakamizwa, lezi ezigcine zimbulele.

UMosia ushone ngeSonto eledlule ngemuva kokuquleka, waphuthunyiswa kudokotela - nokho wagcina eshonile.

OLUNYE UDABA: Kushone umdlali webhola waseNigeria

Abangani bakhe bathi "kwambulala" ukungalitholi iqembu azolidlalela kuleli kulandela ukubuya phesheya kwezilwandle ngo-2008.

"Ubesephuza aze alale kubo utshwala. Ubesehlala ezindaweni zokucima ukoma kuze kuphume ilanga. Utshwala ubesebuxuba nezidakamizwa," kusho abangani.

U-anti kaMosia, u-Anne Nene, uqinisekisile ukuthi lo mdlali akasekho emhlabeni, wathi kodwa akathandi ukuphawula ngezinsolo zezidakamizwa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.