Kuthiwa uRobbie Malinga noMusa bajoyina iMabala Noise

2017-02-05 11:00

Johannesburg - Osemnkantshubomvu emculweni ophinde abenguphrojusa womculo uRobbie Malinga nowawina ama-Idols SA uMusa Sukwene kuthiwa bajoyina isitebele esisha iMabala Noise.

Lezi zindaba ziqinisekiswe imithombo eminingi esondelene nalezi zihlabani.

"URobbie uyindoda ebukhali futhi enekhono. Kusobala ukuthi ubengeke aze asijoyine lesi sitebele ukube bobabili bebengeke bazuze lutho ekugcineni.

OLUNYE UDABA: 'Ngifuna inzuzo ngeculo likaMusa elithi Mthande'

"Luhle ushintsho kanti futhi akukho okuba ngakho, uma kungase lwenzeke," kusho umthombo.

Omunye umthombo uthe iMabala Noise isikuluzwakalisile lolu daba, onke amaphepha anoMusa ama-Metro FM Awards njengoba eqokelwe kuwo anesiqubulo seMabala Noise. Manje konke sekucacile, sekusele ukuthi kumenyezelwe nje.

Abamele uMusa esitebeleni akuso njengamanje i-Universal Music inqabile ukuphawula, imibuzo ayikhomba kuRobbie.

URobbie uthe: "Ubambiswano lwamabhizinisi kanti angeke sikwazi ukunaba ngokulotshwe kwizinkontileka."

Owezokuxhumana kuMabala Noise uMhlo Gumede uthe: "Sisebenzisana kakhulu noRobbie benoMusa ngokubambisana kule mboni yomculo."

UMusa akatholakalnga ephawula, ucingo lwakhe belungabanjwa isonto lonke.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.