Kuthiwa usekubhaceni umfundi,17 owenza uGrade 7

2017-09-18 14:04

Johannesburg - Usekubhaceni eSwaziland umfundi,17, owenza uGrade 7 eMngceleni Primary School eNgonyameni eNgwavuma, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, okuthiwa ubanjwe noshevu okusolwa ukuthi ubehlose ukubhubhisa ngawo abanye abafundi ngeledlule.

Kuthiwa lo mfundi - esingeke simdalule - uvele uwuhlupho ngisho nakothisha, ikakhulukazi abesifazane, okuye kuthi uma befundisa abathwebule izithombe ngomakhalekhukhwini. Uma ebuzwa ukuthi ukwenzelani lokho, aphendule ngokuthi akekho onegunya lokumbuza lokho ngoba yizithandwa zakhe lezi ufuna ukuzibona nalapho esephumile esikoleni.

Kakukhona okokuqala ebanjwa egila umikhuba lo mfundi njengoba emasontweni amathathu adlule kuthiwa ubanjwe ephethe isidladla sengwe.

Kubikwa ukuthi ushaye ngaso omunye umfundi wesifazane ogule wabangwa nezibi. Ngokuthola kweLANGA, kusize ukuthi abazali bale ntombazanyana baphuthume kubelaphi bendabuko. NgoLwesine udaba lwalo mfundi luhlalelwe esigcawini senduna yendawo, uMnu Ellias Shongwe, okuyilapho kuvele ukuthi ushevu usufana noshokoledi ngendlela othengiswa ngayo ezikhungweni zokuhola impesheni.

Kuvele ukuthi abawuthengisayo kabanankinga ngisho nokuwuthengisela izingane ezincane. Ngesikhathi kudingidwa lolu daba ngoLwesine, uNkz Khanyisile Mathenjwa ongunina walo mfundi, unyukelwe wushukela ethi kudlalwa ngengane yakhe. Usongele neLANGA wathi lizowukhomba umuzi onotshwala uma kwenzeka libhala lolu daba. "Mina kangisazi ngizothini, konke okubi kukhonjwa enganeni yami. Kazi wadlani kabani u...... (esho emgagula ngegama).

Lona uma eke wakhuluma kubangani bakhe ngalolu daba (ebhekise entathelini), uma efuna ukubona ingane kaMkhathali alubhale, uzongibona kahle. Kangiyena owokudlala phela mina. Kwayena lo muntu eningikhulumisa udaba lwakhe kangimazi, ngizwa kuthiwa useSwazini futhi nje kangifuni ukuphinde ngibizelwe ukuzokhuluma izindaba namacala ngegama lomntanami," kusho uNkz Mathenjwa.

OLUNYE UDABA: INduna yeNkosi ecaleni lokwebiwa kwemfuyo

Ekhuluma egameni lobukhosi bakwaMngomezulu, uMnu Hlulizizwe Mngomezulu, uthe ibakhathaza kakhulu indaba yalo shevu othengiswa bume emiholweni ngoba miningi imiphefumulo esiphumile ngenxa yawo.

"Iyasikhathaza indaba yalaba bantu abathengisa ushevu emiholweni, bahamba bememezela ukuthi wumuthi wokubulala amagundwane kanti yithuluzi lokuqeda abantu. Mayelana nokwenzeke kulesiya sikole, siyakugxeka ukuthi othisha nothishanhloko bathule nesigameko esibucayi ngalolu hlobo. Nakubazali siyacela ukuba bayale izingane emakhaya ngoba akukho okungenziwa ngothisha uma ingane iluhlaza futhi ingafundisiwe kubo inhlonipho.

"Okwalo mfana-ke, uyabona nje ukuthi indaba isala ekhaya kubazali. Kakuwona umqondo omuhle ukuthi umzali abhoke ngolaka uma kusolwa ingane yakhe. Lo mfana kumele ngabe usesiqedile isikole kodwa ngenxa yobudlwembe nokuvunwa ngabazali, impilo yakhe imile. Nasemphakathini makuphele lo mkhuba wokunikeza abantwana imithi kuthiwe ngeyokuqomisa izintombi," kusho uMnu Mngomezulu.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Mlotshwa, uthe kuyichilo ukuthi umfundi angangena noshevu esikoleni. Uthe bazoxhumana nesikole ukuze bathole imininingwane ephelele ngalolu daba emuva kwalokho babuye nezimpendulo eziphelele.

"Besingakayitholi imibiko ephelele ngalolu daba. Kakukapheli zinyanga zingaki ILANGA libike ngabafundi baseNjakazane Primary School abasinde kukubi esibhedlela ngemuva kokuba bedle ukudla okunoshevu. Nakhona lapho kusolwe wona lona othengwa emholweni. }

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.