Kuthiwa usendleleni ephumayo kuChiefs umgadli

2016-07-15 18:32

Johannesburg - Njengoba kuke kwabikwa ngaphambilini kuSoccer Laduma, kulindeleke ukuthi iKaizer Chiefs ibambe umhlangano mayelana nekusasa likaCamaldine Abraw.

Lo mgadli odabuka eTogo kuthiwa limfiliba ikusasa lakhe eNaturena, njengoba imithombo ithi akusensuku zatshwala ahambe kuleli qembu.

Lo mdlali akubukeki esezinhlelweni zikamqeqeshi uSteve Komphela ngesizini ezayo.

OLUNYE UDABA: I-PSL icacisa ngolomdlali obangwa yiChiefs neCeltic

IChiefs isanda kumemezela ukuthi lo mdlali angase ahlale izinyanga ezingu-9 engadlali kulandela ukulimala.

Imithombo ithi u-Abraw akasadingeki kuMakhosi, kanti kulindeleke ukuthi labo ababhekelele ikusasa lakhe bahlangane nezikhulu zeChiefs.

Sekuvele ukuthi iBloemfontein Celtic ingathanda ukusayinisa lo mdlali uma iCheifs imdedela.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.