Kuthiwa useyinto yombhede usaziwayo ovuvukele umlenze

2017-10-23 18:02

eGoli - Usaziwayo odume kakhulu ngokuyixavatha kuthiwa usesimweni esibucayi kakhulu kanti nokuphuma embhedeni yinto angasayazi.

UWinnie Khumalo, osanda kukhipha ingoma eshisa izikhotha noDJ Cleo ethi Yile Gqom kubikwa ukuthi usenezinyanga ezimbili engakwazi ukuphuma embhedeni.

Umthombo wephephandaba iDaily Sun uthi: "UWinnie uvaleleke endlini yakhe eProtea Glen eSoweto ngenxa yokugula nokuyinto echaza ukuthi akakwazi nokuyothokozisa abantu emicimbini."

Lo mthombo uthi abanaso isiqiniseko sokuthi yini emdlayo lo saziwayo ngoba kwake kwafika isimo lapho ayengasakwazi ukuhamba kahle, kodwa sabuye sadlula.

"Kubuhlungu lokhu okwenzeka kuye ngesikhathi esibaluleke kangaka empilweni yakhe njengoba ezama ukushaya ibuya aphinde avuselele negama lakhe kwezomculo."

OLUNYE UDABA:UMinnie Jones uqophe umlando ngohlelo lwakhe

Omunye umthombo uthi kubuhlungu okwenzeka kulo mculi ngoba umlenze wakhe uvuvukele akakwazi nokwehla embhedeni.

UWinnie akatholakalanga ukuphawula ngesikhathi leli phepha lizama ukuxhumana naye.

Le ntokazi yaqala ukugula ngo-Agasti 2015 kwaze kwaba wukuthi iphelelwa nayimali ku-madical aid yayo.

Ekuqaleni kwalo nyaka, kwabikwa ukuthi iphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuquleka esestudiyo kusaphekwa le ngoma.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.