Kuthiwa ushone ngosuku lokuzalwa 'owashaywa' uthisha esikoleni

2017-03-22 11:01

Johannesburg - Umfundi okusolwa ukuthi washaywa nguthishanhloko esikoleni walimala kanzima, kuthiwa ushone ngosuku azalwa ngalo, umhlaka-19 Mashi.

"Bengimthengele isipho, inkomishi yetiye kodwa akazange esakwazi ukuyisebenzisa, namanje isagoqiwe," kusho unina kaSiphamanda Choma, uChristina Choma.

Uthe ubehlele ukunikeza indodana yakhe isipho senkomishi yetiye emhlophe enezimbali ezibomvu nezinhliziyo ebhalwe ukuthi "I Love You" aphinde ayithengele nekhekhe alihambise esibhedlela ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: Umfundi ushaywe kwaphukela ipeni endlebeni

Kodwa uSiphamandla washona ngeSonto, ngosuku azalwa ngalo, ehlanganisa iminyaka engu-15 ubudala.

UChoma uthe ngesikhathi evakashele uSiphamandla esibhedlela saseMiddelburg lapho obesekuphele izinyanga ezimbili elele khona, wamtshela unina ukuthi uzoshona waphinde wathi uthishanhloko uyimoshile impilo yakhe.

"Wangitshela ukuthi uyahamba emhlabeni kepha okwami ukuthi ngethembe uNkulunkulu. Wathi kufanele ngilwele ubulungiswa.

"Yilokho engizokwenzela indodana yami. Uthishanhloko usizwise ubuhlungu emndenini."

USiphamandla obenza uGrade 3 esikoleni iManyano Primary eMhluzi, eMpumalanga, wagina esikoleni ngoJuni kulandela lesi sigameko.

Kuthiwa uthishanhloko wamshaya ngomshiza, wamkheqa wawa phansi, washayeka ngomgogodla.

Yena nomunye umfundi basolwa ngokweba imali engu-R150 esikhwameni somunye uthisha.

Izolo (ngoLwesibili), uNgqongqoshe wezeMfundo eMpumalanga uReginah Mhaule uvakashele umndeni wathi uthishanhloko umisiwe.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.