Kuthiwa uZuma uzoxosha ongqongqoshe abambalwa uma ephunyula

2017-08-08 18:00

Cape Town – UMengameli Jacob Zuma ucabanga ukwenza izinguquko kwiKhabhinethi yakhe uma ngabe ephunyula esiphakamisweni sevoti lokungamethembi ePhalamende, ngokusho kwezikhulu ezimbili ze-African National Congress (ANC) ezinolwazi ngalolu daba.

UNgqongqoshe wezokuMbiwa phansi, uMosebenzi Zwane, uNgqongqoshe wezaMandla, uMmamoloko Kubayi, kanye noMduduzi Manana, onguSekela Ngqongqoshe weMfundo ePhakeme, bangase bagawulwe yizembe, ngokusho komunye wabantu ocele ukungadalulwa ngoba akasisona isikhulumi esisemthethweni.

Okhulumela uZuma, uBongani Ngqulunga, akazange aluphendule ucingo lwakhe lukamakhalekhukhwini okukanye aphendule ngokushesha emyalezweni wezwi ashiyelwe wona.

OLUNYE UDABA: #ZumaVote: I-ANC ithi kuzoshaqeka izwe ngemiphumela ngoZuma

UZuma ubhekane nengozi enkulu selokhu aba nguMengameli eminyakeni engu-8 ngoLwesibili ntambama ngesikhathi amaLungu ePhalamende evota ngokuyimfihlo esiphakamisweni sokungamethembi kulandela izinsolo eziningi zokungaphathi kahle kanye nezinsolo zenkohlakalo ezithinta ubudlelwano bakhe nomndeni wakwaGupta.

Ukususa uZwane, ophinde asolwe ngokusondela kakhulu emndenini wakwaGupta, kungase kujabulise abanye babantu abamgxekayo njengoba kuqhubeka ukungaboni ngaso linye phakathi kwakhe nezinkampani zezimayini ngemithetho emisha yokufukulwa kwabahlwempu.

UZuma kulindeleke ukuba aphinde asinde emizamweni yokumgudluza, inqwaba yamaLungu ePhalamende e-ANC asho kanjalo kulandela umhlangano wekhokhasi ngoLwesibili.

Iqeqebana lamaLungu ePhalamende e-ANC, okubalwa nongqongqoshe, baphume kulo mhlangano becula izingoma ebeziseka uZuma ngaphambi kokuba kuqale inkulumompikiswano ngesiphakamiso sokungamethembi esiqale ngo-14:00.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.