Kuthiwa 'wabulawa abangani bakhe' owesimame owatholakala eshonile eSoweto

2017-05-18 16:01

Soweto - Owesimame owatholakala edindilizile egqoke izingubo ezingaphelele esigangeni saseSoweto kusolakala ukuthi wabulawa ngabangani bakhe, kubika iSowetan.

Isidumbu sikaLerato Moloi satholakala eNaledi ngeSonto. Le ntokazi ingenye yabesimame abane ababulawa kuleli lokishi ngale mpelasonto.

Amaphoyisa akholwa wukuthi uLerato wadlwengulwa. Kuboshwe amadoda amabili ngokubulawa kwakhe futhi avele phambi kweMantshi yaseProtea ngoLwesithathu.

UThabo Motloung oyingxenye yezakhamuzi eziqapha umphakathi uthe uLerato ubeyisitabane futhi wayeyophuza nabangani bakhe.

“ULerato wayehamba nabesilisa ababili futhi bebengabangani bakhe, wayehlezi ehamba nabo njalo. Ngababona bendawonye ngoMgqibelo phakathi kwamabili. Bebexabana bebanga u-R20 khona ethaveni,” kusho uMotloung.

OLUNYE UDABA:Kuthiwa ushiye incwadi encane otholwe eshonile emotweni

UMotloung uthe ngasikhathi ezwa ngokushona kukaLerato wathungatha abangani bakhe.

“Yibona abantu bokugcina ababonakala benayo kanti namakhamera asethaveni ayakufakazela lokhu. Sibathole behleli komunye umjondolo sabathatha sabahambisa emaphoyiseni,” kqhubeka yena.

Ubaba kaLerato, uThami Khumalo, 54, uthi washaqeka kabi kufika umuntu emzini wakhe ngeSonto ekuseni emhambisa lapho okwatholakala khona isidumbu sendodakazi yakhe.

Uthi indodakazi yakhe yabulawa ngesihluku njengoba yakhandwa ngamatshe.

“Isihluku engasibona lapha namanje asifuni ukusuka emqondweni wami,” kusho uKhumalo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.