Kuthiwa walahlekelwa u-R800 000 ekugembuleni owazishisa

2016-07-26 10:33

Johannesburg -  Owesilisa owazokhela ngomlilo eMontecasino kuthiwa wacela umshini wokulayitha ugwayi komunye umuntu owayebhema, kanti uzozishisa, kusho owazibonela.

“Ngambona ethatha lo mshini kwenye indoda eyayibhema. Ngokuphazima kweso ngabona sekuvutha amalangabi," kusho lo wesifazane ongathandanga negama lakhe, etshela iNews24.

Kwase kukhalwa ubumayemaye, abantu bebaleka, nale ndoda ikhala izwa izinhlungu, esho.

OLUNYE UDABA: Uzokhele ngomlilo ephikisa umthetho

"Ngangingasaboni lutho ngenxa yentuthu. Sasesizwa umuntu ekhala ezwa izinhlungu."

Lo wesifazane uthi wezwa kuthiwa le ndoda ilahlekelwe ngu-R800 000 igembula.

"Kuthiwa lo mlisa ubelokhu elahlekelwa yimali kulokhu kugembula. Kuthe uma esedliwe yonke imali yakhe, waqonda emotweni yakhe wase ephuma ezokhela ngomlilo.

"Sicabanga ukuthi waya emotweni yakhe eyozibhunyela ngophethiloli noma ngophalafini," esho.

Amaphoyisa awazange atholakale ukuba aphawule ngMsombuluko, kepha le ndoda ibingakahlonzwa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.