Kuthiwa wayebukhiple umshayeli webhasi eyabulala abangu-24

2016-07-30 08:55

Taipei – Umshayeli webhasi lezivakashi elashayisa lase ligqamuka umlilo eTaiwan, kwashona inqwaba yabantu baseChina ababevakashile, wayephuzile ngesikhathi kwenzeka le ngozi.

Lokhu kuvezwe abaphenyi ngoLwesihlanu.

Kule ngozi kwashona abantu abangu-24 ngesikhathi ibhasi labo lithungeleka ngomlilo ngesonto eledlule.

OLUNYE UDABA: Ingozi yebhasi ibulale 35 eGuatemala

Ukuhlolwa komlotha wezinsalela zikamshayeli kutshengise ukuthi lo mshayeli wayenesilinganiso sotshwala esingu-1.075 milligrammes egazini, kusho isitatimende.

Lokhu kuchaza ukuthi lo mshayeli wayeseqe ngokuphindwe kane isilinganiso sotshwala esivumelekile egazini.

"Wayeshayela edle amanzi amponjwana,” kusho inhloko yabaseshi uWang Yi-wen.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.