Kuthiwa ‘webe’ izizumbulu zemali uMengameli obesephuma

2017-01-23 11:30

Banjul – ObenguMengameli weseGambia, uYahya Jammeh, webe izigidigidi zemali yoMbuso engamadola esontweni lakhe lokugcina esesikhundleni, waphinde wathutha ngendiza izimoto zikanokusho, umluleki kaMengameli omusha usho kanjalo ngeSonto.

U-Mai Ahmad Fatty utshele izintatheli ezweni elingumakhelwane, iSenegal, ukuthi uJammeh webe imali engaphezulu kwa-$11.4m esikhathini esingamasonto amabili nje kuphela.

“IGambia isenkingeni yezimali. Kufana nokuthi uMbuso awunayo imali. Isimo simi kanjalo.

OLUNYE UDABA: Kungani kumele ngife uma uNkulunkulu engakangibizi? – Mugabe

“Lokhu sekuqinisekiswe ochwepheshe eMnyangweni wezeziMali kanye nayiCentral Bank of the Gambia,” kusho uFatty.

UFatty uphinde wadalula nokuthi ibhanoyi laseChad yilona elithuthele ngaphandle kwaleli zwe izimpahla zikanokusho lenzela uJammeh sekusele amahora ambalwa ukuthi ehle esikhundleni, kanye nezimoto okungaziwa ukuthi bezingaki.

UFatty uqhuba uthi uhulumeni omusha waseGambia usuzovimbela noma ngabe yini ethuthelwa ngaphandle kwezwe ezintweni zikaJammeh.

Nokho kubukeka sengathi umonakalo omkhulu usudalekile njengoba kukuncane okungenziwa ukubuyisa le mali.

UJammeh ubeseqhoqhobale isikhundla sokuba nguMengameli iminyaka engaphezu kwengu-22, kanti ugcine ebaleke ekubhaceni ezweni lase-Equatorial Guinea ngemuva kokugoba uphondo njengoba eqale wagoloza ukwehla esihlalweni. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.