Kuthiwa yaphuza uphethiloli eyazithungela ngomlilo eMontecasino

2016-07-27 11:30

Johannesburg - Indoda eyasha yangqonga eMontecasino enyakatho neGoli ngempelasonto yaphuza uphethiloli ngaphambi kokuzishisa, kusho ofakazi.

Ofakazi bathi babebona kuphuma ilangabi emlomeni wale ndoda ngesikhathi ihayiza.

"Yaphuza uphethiloli ngaphambi kokuzithungela ngomlilo. Onogada bazama ukuyicisha kanti yayingasinda ukube ayizange iwuphuze lo phethiloli. Umlilo wawuphuma ngomlomo ngesikhathi ihayiza," kusho ohlanza indawo ocele ukuba lingadalulwa igama lakhe.

OLUNYE UDABA: Ishonile indoda ezokhele ngomlilo eMontecasino eGoli

Unogada uthe le ndoda yazama ukungena ngaphakathi kule ndawo yokugembula ngemuva kokuzishisa.

"Kwakuyidimon. Uma umazi uSathane, kwakunguye uqobo lwakhe. Kwakungakubi kakhulu ukube yazishisa emotweni yayo," usho njalo.

Omunye osebenza kule ndawo uthe uthemba ukuthi angeke baze bazithele phezu kwesipoki sale ndoda uma besebenza ebusuku.

"Mhlawumbe ubefuna ukuzibulalela endaweni alahlekelwe kuyo yimali," kusho omunye.

NgoLwesibili okhulumela amaphoyisa aseDouglasdale uBalan Muthan uthe le ndoda isihlonziwe kanti umndeni wayo usuyazi ngesigameko kodwa alikadalulwa igama layo.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo eGoli i-EMS uRobert Mulaudzi uthe le ndoda ishonele endaweni yesigameko, kubika iSundayWorld.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.