Kutholakale ezinye iziguli ezingu-8 kolwaseLife Esidimeni

2018-02-20 19:37

Johannesburg - Amaphoyisa athole ezinye iziguli eziyisishiyagalombili ezazihlala eLife Esidimeni kulandela ukuthi uMnyango wezeMpilo eGauteng, wabika ukuthi zidukile, kusho owe-DA uJack Bloom ngoLwesibili.

Esitatimendeni, uBloom uthe iziguli ezine zitholakale eThuli Home Centre e-Orange Farm, kwathi ezinye ezimbili zatholakala eSan Michele Mental Institution, Kwa-Thema.

UBloom uqhube wathi esinye isiguli sayiswa esikhungweni esingaziwa kwathi esokugcina sathathwa ngumama waso, oqinisekisile ukuthi sisaphila.

"Amaphoyisa akwazile ukuxazulula eyabantu abangu-13 kwabangu-62 okwabikwa ukuthi balahlekile. La macala avulwa ngenyanga eyedlule, okubalwa nesinye isiguli esashona ngendlela engaqondakali.

OLUNYE UDABA: Sesimi ku-143 isibalo sabashona eLife Esidimeni

"Lokhu kusho ukuthi zisengu-49 iziguli okumele zitholakale - ezingu-27 kuzo azinabo omazisi kanti eziyisikhombisa kazinawo amagama aphelele, ngakho kunzima ukuzithola. Into engcono wukuthi kukhishwe izithombe zabo."

UBloom, nokho, uthe kuyaxaka ukuthi uMnyango ubungakazikhiphi izithombe zalezi ziguli.

Ezinye iziguli eziyisihlanu zatholakala ngesonto eledlule.

Kulesi sigameko kwashona iziguli eziphazamisekile emqondweni ezingaphezu kuka-140 ngemuva kokukhishwa eLife Esidimeni zayiswa ezikhungweni ezizimele.

Ezinye zalezi zikhungo zazingenazo izinsiza ezifanele ukunakekela iziguli eziphazamisekile ngokomqondo.

Okhulumela uMnyango uLesemang Matuka akatholakalanga ukuba aphawule.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.