Durban – Sekuvele ezithi umdlali we-Orlando Pirates ufeyile ukuhlolelwa
izidakamizwa kulandela ukuthi etholakale enesidakamizwa sohlobo lwe-cocaine
egazini, kusho umbiko.
Isikhulu seSA Institute for Drug free Sport (Saids) uKhalid Galant, ukhulume
nezindaba ze-EyeWitness News ngoLwesine wathi ukuhlolwa kwalo mdlali
kuqinisekise ukutholakala kwezidakamizwa egazini lalo mdlali.
Lo mdlali kuthiwa uyayiphebeza le
miphumela, njengoba ethi akaze asondele kulesi sidakamizwa.
OLUNYE UDABA: Ujabulele ukuphuma emsulwa uMamabolo
Lo mdlali kulindeleke ukuba avele
ngaphambi kwekomidi lokuqondiswa izigwegwe ngomhlaka-31 Agasti.
“Ngeke likhishwe igama lalo
mdlali kuze kube uvela ngaphambi kwekhomidi njengoba le miphumela iphikiswa,”
kusho umbiko.
Umbiko weKickOff.com uthe
kunamahlebezi okuthi lo mdlali nguThandani Ntshumayelo.
Uma elahlwa yicala lo mdlali,
angase amiswe iminyaka emibili engalithinti ibhola.