Kutholakale isidumbu esesonakele kuthelawayeka

2017-02-14 19:31

Johannesburg - Amaphoyisa nonogada bendawo bathole isidumbu sowesilisa oneminyaka ebalelwa kwengu-30 ubudala sesonakele, ku-N2 eduzane naseSunningdale, eMpumalanga ngoLwesibili.

Ngokusho kwaloyo okhulumela onogada benkampani iMarshall Security uKyle van Reenen, uthe abashayeli abebedlula yibo ababone lesi sidumbu, kubika iLowvelder.

UVan Reenen uqhube ngokuthi kungenzeka ukuthi lesi sidumbu bese sinesikhathi sikuthelawayeka.

OLUNYE UDABA: Kutholwe isidumbu sesonakele eKZN

"Sikholwa wukuthi le ndoda yashayiswa yimoto izama ukuwela umgwaqo. Sithole isibuko semoto eceleni kwayo.

"Isidumbu sayo besesonakele, kungenzeka ukuthi kungenxa yokushisa. Ibisagqoke umfaniswano wasemsebenzini kanti iselula yayo itholakale eceleni kwayo iyizingcucu.

"Kungenzeka ukuthi ibisinezinsukwana ikuleya ndawo, uma sibheka isimo sesidumbu. Isigameko sidluliselwe emaphoyiseni," usho njalo.

Kukholakala ukuthi yashayiswa yimoto maqede yabaleka njengoba lingekho icala elivulwe esiteshini samaphoyisa aseGreenwood Park.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.