Durban - Akucaci kahle ukuthi ngabe isidumbu esitholakele singesomlisa
waseMlazi yini owanyamalala ngemuva kokumuka nezikhukhula ngeledlule eThekwini.
Isidumbu sitholwe amaphoyisa ophiko lwe-K9 eMondi Canal ngasebhishi
laseSiphingo ngoLwesihlanu.
Umlisa oneminyaka
engu-40 ubudala kwabikwa ukuthi umuke nomfula ngoMsombuluko ngesikathi ezama
ukuhlenga umfana oneminyaka engu-16 ubudala.
Umfana wasinda yena kanti usesibhedlela.
Funda nalolu daba: Sitholakale sesonakele isidumbu sowanyamalala esesibhedlela
ULieutenant-Colonel Thulani Zwane utshele
iDaily Sun ukuthi nakuba
amaphoyisa ekholelwa ukuthi isidumbu esitholakele ngesomlisa owamuka nomfula eMlazi
ngesikhathi sezikhukhula, ngeke bakuqinisekisa lokho okwamanje.
Bahlanu abantu
osekuqinisekiswe ukuthi bashone ngikhathi sezikhukhula eThekwini ngeledlule.
Khonamanjalo kusaqhubeka ukuthungathwa kowesifazane,62, waseDurban
North owayephuma emsebenzini ehamba ngemoto ngesikhathi enyamala kunezikhukhula.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).