Kutholakale isidumbu okusolakala ukuthi ngesomfana obelahlekile

2017-09-01 07:01

Bushbuckridge - Amaphoyisa aseBushbuckridge aphenya ukuthi ngabe isidumbu esitholakale sesiqala ukububola emkhukhwini ngesengane obekubikwe ukuthi ilahlekile na.

Lesi sidumbu sitholakale ngoLwesithathu endaweni yaseBoikhutso.

Izakhamuzi zakule ndawo yizona ezibikele amaphoyisa ngemuva kokukhala ngephunga elingabekezeleleki.

Umakhelwane ongafunanga ukuba igama lakhe lidalulwe uthe: "Bekunephunga elibi eliqhamuka kamakhelwane, kodwa bengingazi ukuthi yini le ebinuka kabi kangaka."

Ngokusho kwalo makhelwane, umnikazi womuzi waphuma kuwo ezinyangeni ezintathu ezedlule futhi bekungasahlali muntu.

OLUNYE UDABA:Kuphume isidumbu izelamani zibanga intambo kagesi

"Simufonelile umnikazi womjondolo simtshela ukuthi kunento enganuki kahle endlini yakhe, nokuthi kukhiywe ngengidi. Usinike imvume yokuthi siwugqekeze umjondolo, kodwa sithe sivula sathola isidumbu somuntu sesibolile singasabonakali kahle.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uColonel Mtsholi Mbembe uthi umnikazi womkhukhu ukuqinisekisile ukuthi umndeni wakhe usosizini ngemuva kokunyamalala kwesihlobo esineminyaka engu-16 ubudala.

"Sikholwa wukuthi lesi sidumbu esomfana okubikwe ukuthi ulahlekile futhi uyisihlobo somnikazi walo muzi. Wagcina ukubonakala eya esikoleni. Sisola sengathi wathunjwa wabulawa," kusho uMbembe.

UMbembe uthe kusaphenywa kanti kuzovulwa icala lokubulala kodwa lokhu kulele emininingwaneni abayitholayo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.