Kutholakale isidumbu sekhehla esiteshini sakwa-Eskom

2018-03-08 11:02

Johannesburg - Amaphoyisa aseLephalale ayaphenya ngokutholakala kwesidumbu sowesilisa oneminyaka engu-66 ubudala.

Lesi sidumbu sitholakale ngoLwesine ekuseni esiteshini sakwa-Eskom eMedupi Power Station ekuseni ngoLwesine.  

"UKim Farmer, 66, utholakale eseshonile esiteshini sikagesi eMedupi. Kuthiwa umufi utholakale eceleni kwemoto yakhe kukhona ne-TLB obekumele ayilungise," kusho okhulumela amaphoyisa Brigadier Motlafela Mojapelo.

Leli khehla litholakale lidindilize phansi eduze kwemoto.

OLUNYE UDABA:Ubanjiwe obedayisa imisebenzi kamasipala ePinetown

Abezimo eziphuthumayo bafike bakuqinisekisa ukuthi uFarmer useshonile.

UMojapelo uthe uFarmer ubeqashwe ngenye yezinkampani ezihlinzeka u-Eskom ngomsebenzi kulesi siteshi.

Imbangela yokushona kwakhe kayaziwa okwamanje kodwa uphenyo luyaqhubeka.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.