Kutholakale isidumbu sentombazane, 17, sishisiwe edolobheni lezimanga

2018-01-24 15:59

Cape Town – Umphakathi waseBredasdorp lapho kwabulawa khona ngesihluku u-Anene Booysen,17, eminyakeni emihlanu eyedlule usuphinde wagubuzelwa elinye ifu elimnyama, kubulawa omunye.

Kulokhu kutholakale isidumbu sentombazane, nayo eneminyaka engu-17 ubudala, sishisiwe ngasefemini ngeSonto.

“Kusaphenywa ngesidumbu sowesifazane esitholakale sishile ngeSonto eCement Dam, e-P&B Lime Works, eBredasdorp,” kusho okhulumela amaphoyisa uFC Van Wyk.

Uthe kubanjwe abasolwa abane ngenhloso yokuba baphekwe ngemibuzo.

OLUNYE UDABA: Usenkantolo osolwa ngokubulalela umuthi

Lesi sigameko sokubulala senzeke umphakathi waseBredasdorp usanda kwenzelwa ubulungiswa ngesikhathi owaseZimbabwe, uGift Sibondo, 31, elahlwa amacala amathathu okuthumba, amabili okulala nezingane kanye nelokubulala intombazane eyayithandana naye, u-Elda Jaftha, 15, eyatholakala ngaphansi kombhede kaSibondo ngo-2015.

Ngalowo nyaka, kwaphinde kwabulawa ngesihluku uKayde Williams, 5, khona kule ndawo.

Ingane yadlwengulwa kanti izingalo zayo zaziphukile.

Amaphoyisa acela noma ngabe ngubani onemininingwane ngesigameko sakamuva ukuba axhumane ne-Crime Stop ku-08600 10111.

- Cape Times

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.