Kutholakale isidumbu sephoyisa endlini encane

2018-04-03 17:59

eKapa -  Kutholakale isidumbu sephoyisa sinenxeba lokudutshulwa ekhanda endlini encane esiteshini samaphoyisa.

Lokhu kuvezwe amaphoyisa ngoLwesibili kanti lesi sidumbu sitholakale esiteshini iParkweg eBloemfontein.

Kutholakale isibhamu sohlobo lwe-9mm eduze kwakhe, kusho uColonel Thandi Mbambo okhulumela amaphoyisa.

Lesi sidumbu sikaConstable Xolile Dada sitholakale ngoMsombuluko ngo-18:15 ngesielinye iphoyisa liyongena endlini encane.

OLUNYE UDABA:Buka: Kubambana iphoyisa nomshayeli 'ngamawashingi'

"Iphoyisa okuyilona elithole isidumbu lithi beliyongena emnyango wasendlini encane ngesikhathi lizwa kuqhuma umsindo.

"Ngesikhathi liyongena ethoyilethi, libona isidumbu sidindilizile phansi lase libiza ozakwabo,"kusho uMbambo.

Leli phoyisa elishonile lineminyaka engu-27 ubudala kanti belisebenzela iParkweg Community Service Centre, belisekhefini lokugula inyanga yonke kanti bekufanele liqale emsebenzini ngomhlaka 1 Ephreli,"kuqhubeka uMbambo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.