Kutholakale isidumbu somfana, 10, emfuleni oseningizimu yeTheku

2018-03-06 14:03

Durban - Amaphoyisa aseMkhomazi aqalise uphenyo kulandela ukutholakala kwesidumbu sengane yomfana emfuleni ongaseThekwini ngoMsombuluko.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uLt-Col Thulani Zwane, amaphoyisa angabatshuzi ajutshwe endaweni yesigameko emfuleni iNgane ngaseMkhomazi ngemuva kokuthi umshayeli wesitimela ebikele amaphoyisa ukuthi ubone into intanta emanzini.

Kuthe uma abatshuzi befika endaweni yesigameko baqala ukuthungatha emfuleni bagcina ngokuthola isidumbu somfana olinganiselwa eminyakeni engu-10 ubudala.

Le ngane ibingakahlonzwa okwamanje.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele obonwe yizingane eyolahla isidumbu emfuleni

UZwane uthe amaphoyisa aseMkhomazi avule idokodo ngokufa komuntu futhi apekequla imibiko ngabantu abadukile ukuze bathole umndeni walo mfana.

Kwesinye isigameko, leli thimba lamaphoyisa angabatshuzi lithole isidumbu sendoda ebese sonakele eNonoti River, KwaDukuza.

Amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko ngabantu abebedoba kuleya ndawo. Le ndoda ibingakahlonzwa okwamanje kanti amaphoyisa athi aqhuba uphenyo.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.