Kutholakale isidumbu somuntu emotweni ye-Taxify eSunnyside

2018-03-02 10:59

Pretoria - Amaphoyisa aseTshwane ngoLwesihlanu aqinisekise ukuthi aphenya icala lokubulala, kubika i-IOL.

Lokhu kulandela ukutholakala kwesidumbu sowesilisa ebhuthini yemoto eshile esebenzela i-Taxify.

Lesi sidumbu sitholakale ngoLwesine ebusuku endaweni yaseSunnyside ngasenyuvesi yase-UNISA kwikhempasi yaseSunnyside.

Ngokusho kukaKaputeni Daniel Mavimbela okhulumela amaphoyisa, lesi sidumbu sitholakale emotweni eshile ye-Taxify Chevrolet Aveo.

OLUNYE UDABA:Iphoyisa libulale abantu ababili, maqede lazibulala nalo

"Kokubili, imbangela kanye nenhloso yalesi sigameko kakukaqondakali okwamanje kodwa uphenyo luyaqhubeka.

"Igama likamufi kalikatholakali okwamanje kodwa uphenyo lusaqhubeka,"kusho uMavimbela.

Ukuqinisekisile ukuvulwa kwecala lokubulala esiteshini samaphoyisa eSunnyside futhi wanxusa nomphakathi ukuba ulekelele ngolwazi olungaba wusizo kulolu phenyo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.