Kutholakale isidumbu sowesifazane, kanti abanye abangu-9 basadukile kulandela izikhukhula

2018-03-12 14:01

East London – Kutholakale isidumbu sowesifazane oneminyaka engu-41 ubudala eNobhokwe River, eCofimvaba, eMthatha, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.

Babalelwa okungenani kwabangu-9 abanye abantu - abaphakathi kweminyaka engu-13 no-45 ubudala - abadukile nokukholakala ukuthi bamuke namanzi ngesikhathi kunezikhukhula ezindaweni ezisenyakatho yeKei River kuze kuyofinyelela eMthatha, kusho uCaptain Mali Govender.

"Abatakuli bayaqhubeka nomsebenzi namhlanje (ngoMsombuluko) ukuzama ukuthola abanye abantu abaminzile. Amaphoyisa akuthole kunzima ukuthungatha izisulu ngempelasonto ngenxa yokuthi lo mfula ubudla izindwani," esho etshela iNews24.

OLUNYE UDABA: Kugwilize intombazane, 15, ebhishi e-KZN

UGovender uthe abatshuzi kanye namathimba eSearch and Rescue K9 ayaqhubeka nomsebenzi wokufuna abadukile.

"Kusatholakale isidumbu esisodwa kuphela sowesifazane oneminyaka engu-41 ubudala," esho.

Kugwilize abantu abathathu eKei River, ababili baminze olwandle, kwathi abanye abane baminza emifuleni eseMthatha, eTsojana, eNobhokwe naseMbhashe.  

"Umphakathi uyanxuswa ukuba ungazami ukuwela imifula egcwele ngokweqile," kuxwayisa uGovernder.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.