Kutholakale isidumbu sowesifazane nesengane zigqitshwe ebhishi

2017-12-20 18:00

Durban – Sekuqaliswe uphenyo ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesifazane kanye nesengane ethuneni elingajulile eDesainager Beach, enyakatho yeTheku, kusho amaphoyisa ngoLwesithathu.

Lezi zidumbu zitholakale ngoMsombuluko ngemuva kokuba ilungu lomphakathi libone igazi ligobhoza endleleni, endaweni eyisikhotha ebhishi.

Okhulumela iCommunity Emergency Response Team (CERT) uNazir Sadack, obesendaweni yesigameko ngesikhathi kutholakala izidumbu, uthe yena kanye nephoyisa balandele igazi.

Uthi zombili izisulu bezilimele kabi emakhanda.

OLUNYE UDABA: Itholakale isishonile ingane eyawa emhlane kanina ebalekela izigebengu

USadack uthe yena nephoyisa kuthe uma bemba endaweni ebisolisa, bathola isidumbu sowesifazane.

"Ngesikhathi sisaqhubeka nokukhipha isidumbu, bekukhona nesinye isidumbu ngaphansi kwaleso, obekungesengane."

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe amaphoyisa ayaphenya ngamacala amabili okubulala.

"Imbangela yokubulala ayaziwa kodwa uphenyo luyaqhubeka. Sicela noma ngabe ubani onemininingwane axhumane nesiteshi samaphoyisa noma iCrime Stop ku-08600 10111."

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.