Kutholakale isidumbu sowesifazane sesonakele eThekwini

2017-01-29 11:03

Cape Town – Kutholakale isidumbu sowesifazane sesonakele emhosheni oseDurban North ngoMgqibelo ekuseni, kusho i-IPSS Medical Rescue.

Lesi sidumbu, esitholakale emanzini akuMatheran Road, e-Avoca, besisongwe ngamashidi amhlophe, kusho okhulumela abezimo eziphuthumayo uPaul Herbst.

“Lo wesifazane oneminyaka engu-31 ubudala wabikwa yisoka lakhe ukuthi udukile. Kuvulwe idokodo ngokufa komuntu.”

OLUNYE UDABA: Kutholakale isidumbu somfanyana emfuleni eKZN

Kwesinye isigameko, uHerbst uthe kuphinde kwatholakala isidumbu sowesilisa oneminyaka engu-33 ubudala eNanda Dam, eHillcrest.

Kuthiwa le ndoda ibiwasha izingubo kuleli damu, kwathi uma izwa ukushisa kwelanga yanquma ukubhukuda kanti izovelelwa yinkinga isemanzini yase iyagwiliza.

Isidumbu sayo sitholakale ekujuleni okungamamitha amane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.