Kutholakale isidumbu sowesilisa emfuleni uMngeni

2018-03-28 12:30

eThekwini - Kutholakale isidumbu sowesilisa owaminza emfuleni uMngeni ezansi ngaseMolweni ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthi kulesi sigameko sakamuva, owesilisa, 45, wayezama ukuwela emfuleni kanti uzoshelela awele emanzini.

OLUNYE UDABA: Izingwenya ziliqede nya ibhizinisi labaqwayizi eTshwane

Amalungu omphakathi yiwona athola isidumbu salo mlisa ngoMsombuluko ebusuku abiza amaphoyisa ophiko lweSearch and Rescue ukuba azolanda isidumbu.

Kuvulwe idokodo emaphoyiseni aseHillcrest nokuyiwona aphenyayo ngokutholakala kwalesi sidumbu.

Sesifike ku-4 isibalo sabantu abaminzile ngenxa yezikhukhula zangoLwesihlanu esifundazweni iKwaZulu-Natal.

NgoLwesibili ekuseni kutholakale isidumbu sowesifazane osekhulile kuwo lo mfula, kanye nesidumbu sowesilisa esitholakale sintanta olwandle.

NgoLwesihlanu owesifazane waphesheya kwezilwandle, yena waminza ngesikhathi kuketuka isikebhe ayehamba ngaso emfuleni uMkhomazi. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.