Kutholakale isidumbu sowesilisa eshisiwe emotweni yakhe

2017-08-20 17:33

Kinross – Kutholakale isidumbu sowesilisa sishe saba ngumlotha emotweni yakhe eyiveni epulazini elingaseKinross, eMpumalanga.

Umufi, obenepulazi, kusolwa ukuthi ushiye unkosikazi wakhe emzini wabo eLeslie eya epulazini lakhe eliqhele ngo-15 khilomitha.

“Kuthe ngabo-19:40 omunye wabalimi wabona umlilo epulazini elingaseKinross wase eya kohlola ukuthi kwenzakalani,” kusho amaphoyisa ngesitatimende.

OLUNYE UDABA: Kutholakale isidumbu sintanta eCountry Club

Kuthe uma le ndoda isondela yabona ukuthi kusha iveni kanti kukhona umuntu ngaphakathi.

“Kube sekubizwa amaphoyisa athi uma efika endaweni yesigameko athola ukuthi le ndoda ibisishe yangqongqa. Umfowabo kamufi ufike endaweni yesigameko waqinisekisa ukuthi iveni ibukeka njengekamfowabo,” kuqhuba isitatimende.

Amaphoyisa ayaphenya ngemininingwane eholele ekwenzekeni kwalesi sigameko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.