Kutholakale isidumbu sowesilisa olwandle eThekwini

2018-03-27 12:32

eThekwini - Amaphoyisa asebenza njengabatshuzi athole isidumbu sowesilisa oneminyaka engu-24 ubudala olwandle lwaseThekwini.

Abatshuzi babizelwe kwiNorth Beach Pier ngemuva kwemibiko yokubonakala kwesidumbu sintanta emanzini.

"Kufike namaphoyisa asebenzela edolobheni eThekwini nokuyiwona aphenya ngalesi sigameko sokutholakala kwalesi sidumbu.

"Ithimba labatshuzi yilo elithole futhi lakhipha lesi sidumbu emanzini," kusho amaphoyisa.

Amaphoyisa athi akukacaci kahle ukuthi uminze kanjani lo mlisa nanokuthi ufike kanjani olwandle.

OLUNYE UDABA:Kusathungathwa indoda yesithathu eminze kunenkonzo yokubhabhadisa

Kwesinye isigameko, amaphoyisa asathungatha owesilisa omuke nezikhukhula eChartsworth ngeSonto.

Amaphoyisa athe awakwazanga ucinga kahle epayipini lamanzi nokuyilapho okukholakala ukuthi lo mlisa ukhukhulekele khona.

Kuthiwa amanzi abemaningi futhi emabi kakhulu kula mapayipi yingakho amaphoyisa angakwazanga ukungena.

Imizamo yokuthungatha lo mlisa iyaqhubeka, kubika iNewswatch.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.