Kutholakale isidumbu sowesilisa sintanta emtateni eThekwini

2017-07-21 07:00

Durban - Kuzophenywa ngokutholakala kwesidumbu sowesilisa sintanta emtateni eThekwini ngoLwesithathu.

AbeNetcare 911 babizelwe eWilson’s Wharf ngemuva kokubikwa ngokugwiliza kowesilisa emtateni.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi iSouthlands Sun abantu babone isidumbu sintanta emanzini.

OLUNYE UDABA:Kugwilize ababili bethungatha ubucwebe emapayipini eThekwini

“Lesi sidumbu sitakulwe abebehamba ngesikebhe basikhipha emanzini,” kusho oweNetcare 911 uNick Dollman.

Abezimo eziphuthumayo bahlole lo wesilisa okukholakala ukuthi useminyakeni eko-45 ubudala kwatholakala ukuthi ubesehlale emanzini isikhathi eside.

Kubikwe ukuthi ushonele khona lapho.

Kwesinye isigameko, sekutholakale isidumbu sesibili esikhishwe wulwandle kulandela ukucwila kwesikebhe iMaredon, eKapa.

Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern uSergeant Majola Nkohli ngoLwesine ukuqinisekisile ukutholakala kwesidumbu somdobi eSeaview.

Igama likamufi belingakaqinisekiswa njengoba kusalindeleke ukuba umndeni uzohlola isidumbu.

Kusanabadobi abayisithupha abangakatholakali nabo abebehamba ngalesi sikebhe.

NgoLwesithathu, kutholakale isidumbu sikaMbongeni Gift Zulu, 43, waseJeffreys Bay, sitholakale sintanta eBlue Horizon Bay, ePort Elizabeth.

Isidumbu sakhe sithololwe abebehamba ngesikebhe basithatha basihambisa emtateni oseSt Francis Bay.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.