Kutholakale izidumbu ezimbili zamaphoyisa

2017-06-18 08:32

Thaba Nchu – Kutholakale izidumbu ezimbili zamaphoyisa eThaba Nchu, eFree State, ngoLwesihlanu, kusho amaphoyisa.

UVuyo Mhaga, okhulumela uNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula ngoMgqibelo uthe iphoyisa elingukaputeni belisemsebenzini esiteshini samaphoyisa eSelosesha ngesikhathi lithola umbiko ngesehlakalo sokudubula esenzeke e-Unit Extention, khona eThaba-Nchu.

UMhaga uqhuba ngokuthi leli phoyisa libe selibabela kulesi sigameko lafike lazithela phezu kwezidumbu ezimbili zamaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Kutholwe izidumbu ezintathu zidindilize phambi komnyango

Womabili amaphoyisa abenamanxeba okudutshulwa emakhanda.

UMhaga uqhube ngokuthi la maphoyisa abehlala womabili futhi enezingane.

"Kukholakala ukuthi iphoyisa lesilisa lingqokloze ngenhlamvu elesifazane ngaphambi kokubhekisa umbhobho wesibhamu ngakulona,” esho.

UNgqongqoshe uMbalula ube esedlulisa amazwi enduduzo emindenini ethintekayo.

"Ngithanda ukukhalisana kakhulu nemindeni kanye nabathandiweyo babafi. Kubuhlungu ukulahlekelwa wumuntu omthandayo,” kusho uMbalula.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.