Kutholakale izidumbu ezine zabebeqwala intaba

2017-05-24 12:30

Nepal – Abezimo eziphuthumayo bebambisene nabatakuli bathole izidumbu ezine zabaqwali bentaba etendeni lokukhepha ebelibekwe phezu kwentaba iMount Everst.

Lokhu sekwenza isibalo sabantu abashonile kule ntaba sihlale ku-10 selokhu abezimo eziphuthumayo beqale ukuthungatha abanyamalele.

Ngokusho kukaHemanta Dhakal osebenzela uMnyango wezokuVakasha, lezi zidumbu zitholwe abezimo eziphuthumayo abebeye kule ndawo beyokwehlisa isidumbu somqwali wentaba odabuka kwelaseSlovakia.

Lezi zidumbu zitholakale endaweni okuyiyona ephezulu kakhulu kule ntaba nokuyilapho abantu abafike baphumule khona okokugcina ngaphambi kokuba bame esiqongweni sale ntaba.

OLUNYE UDABA:Abafundi badube umcimbi iPhini likaMengameli lethula inkulumo

Okwamanje awakaziwa amagama alaba abane njengoba batholakale ngoLwesibili ebusuku futhi abazimo eziphuthumayo nabatakuli basazama indlela yokwehlisa isidumbu ngasinye njengoba bebephezulu kakhulu.

Amagama ezisulu eziyisithupha ezitholakale phambilini aseveziwe.

Ngempelasonto abatakuli bathole izidumbu zalaba, umqwali wentaba odabuka kwelaseNdiya uRavi Kumar, udokotela waseMelika uRoland Yearwood, uVladimir Strba waseSovakia kanye noFrancesco Enrico wase-Australia, kubika i-Associated Press.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.