Kutholakale izidumbu zamantombazane amabili engagqokile

2017-09-10 11:30

Botshabelo - Abasebenzi base-Botshabelo Industries bathole isimanga ngoMgqibelo ekuseni bezithela phezu kwezindumbu zamantombazane amabili.

Laba basebenzi babize amaphoyisa afike athola lezi zidumbu zamantombazane ebengagqokile ngokuphelele esigcemeni sakwa-K ngasemafemini aseBotshabelo,

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thandi Mbambo uthe: "Lawa mantombazane aseminyakeni ephakathi kuka-16 no-18 atholakale anamanxeba ambalwa okugwazwa ngenhla emzimbeni futhi kusolakala ukuthi adlwenguliwe.

OLUNYE UDABA:Kutholwe isidumbu sowesifazane emhosheni

Uphenyo lokuqala luveza ukuthi laba besimame bebengabangani futhi bahlala khona kule ndawo.

Kuthiwa bebeye emlindelweni ngoLwesihlanu ebusuku kanti bese bebuyela emakhaya.

Laba bagcine ukubonwa wumphakathi phakathi kwamabili ngesikhathi bephuma emlindelweni beyothengwa ugwayi ethaveni eseduze.

Amaphoyisa acela umphakathi ulekelele ngolwazi olungaba wusizo ngokuxhumana nomseshi uConstable Buza Monyaki ku-078-265-0205 noma ashayele iCrime Stop ku-08600-10111, kubika iThe Citizen.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.