Kutholakale owesimame eshonile embhedeni nosana ngaphansi kombhede

2016-07-24 09:01

Sandton - Kwisigameko okusolakala ukuthi esokuhushula isisu, umama utholakale eseshonile embhedeni usana lungaphansi kombhede,eDouglasdale eSandton .

UChitra Bosdasing okhulumela i-ER24 uthe abosizo lokuqala babizelwe kulo muzi ngoMgqibelo emini ngemuva kokutholakala kosana phansi kombhede.

“Lokhu kulandela isigameko sangoLwesihlanu ntambama njengoba sabizelwa kulo muzi ngesimo sowesimame obekaphathekile, kwakungekho okungenziwa ukumsiza ngoba wayeseshonile,” kusho uBosdasing.

OLUNYE UDABA:Kushone umama nengane, 5, ngemuva kokuwa kwesesithupha

Bekusalindeleke ukuba kuhlolwe umzimba wakhe ukuze kubonakale imbangela yokufa kwakhe. Kuthe kungakapheli namahora angu-24 kwabe sekubizwa abosizo lokuqala futhi kulo muzi.

“Kulokhu kutholakale usana phansi kombhede lugoqwe ngethawula, nakhona akukho obekungenziwa ngoba beselushonile,” kusho abosizo lokuqala.

Africa News Agency.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.