Kutholakale usana lushonile emgqonyeni e-KZN

2017-08-30 07:02

Durban - Umuntu osebenza engadini uthole isidumbu sengane ezelwe silahlwe emgqonyeni emaflethini aseRichards Bay, ngoMsombuluko ekuseni.

Le ngane yomfana itholwe isongwe ngethawula ifakwe kuplastiki, yalahlwa emgqomeni eHade Park, kubika iZululand Observer.

Bekufakwe namanabukeni ambalwa kuwo lo plastiki kanjalo nenkaba ilahlwe kuwona lo mgqomo.

OLUNYE UDABA:Obefuna ukudla emgqomeni uthole umbungu

Ngokusho komunye wabahlala kuleli flethi, isigameko senzeke ngezithuba zabo-08:40 ekuseni, ingane ibibukeka isikhule ngokugcwele.

Leli flethi libiyelwe kanti ungena ngaphakathi kulo nge-remote.

Okhulumela amaphoyisa aseRicharsd Bay uCaptain Debbie Ferreira uqinisekise ukuthi kuzovulwa icala lokufihlwa kokuzalwa kwengane kanti kungase kwengezwe namanye amacala uma kuqhubeka uphenyo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.