Kutholakela izidumbu zezaguga emzini wazo

2018-04-09 19:30

Johannesburg - Amaphoyisa e-Eastern Cape ayaphenya ngecala lokubulala kanti asevule idokodo kulandela ukutholakala kwezidumbu zezaguga emzini wazo oseSherwood, ePort Elizabeth ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Sandra Janse Van Rensburg uthi umakhelwane wezithandani ubephuma ngemoto e-Everwood Complex ngezithuba zabo-07:00 ekuseni ngoMsombuluko ngesikhathi ebona incwadi ebisewindini lomuzi.

“Umile wayifunda nokuyilapho ethole khona ukuthi ithi noma ngabe ubani oyifundayo akafonele amaphoyisa,” esho.

UJanse Van Rensburg uthi amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko, athola isidumbu sowesilisa oneminyaka engu-64 ubudala silenga egaraji, nesowesifazane oneminyaka engu-67 ubudala sidindilize ngemuva evenini.

OLUNYE UDABA: Usebhace kubangani okamaskandi

“Okwamanje akwaziwa ukuthi ubulawe yini owesifazane nokuthi ufe nini, nokuyinto ezotholakala uma sekuhlolwe isidumbu.”

UJanse Van Rensburg uthi amaphoyisa athole izincwadi eziningi endaweni yesigameko.

Lezi zithandani bezihlala zodwa kanti amagama azo ngeke adalulwe kuze kube kwaziswa umndeni wazo.

- The Citizen

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.