Kutholwe isidumbu e-Airport ngemuva kwezinyanga ezingu-8 sisemotweni

2017-09-20 07:02

Kansas City - Isidumbu sendoda, amaphoyisa akholwa wukuthi yazibulala, sesihlale emotweni izinyanga ezingu-8 endaweni yokupaka izimoto esikhumulweni sezindiza iKansas City International Airport, ngaphambi kokuba sitholakale.

Umndeni wesisulu ufuna ukwazi ukuthi kungani kuthathe isikhathi eside ukuba kutholakale isidumbu.

Isidumbu sale ndoda, 53, uRandy Potter, sitholwe ngesonto eledlule ngemuva kokuba kubikwe ngephunga elibi eliphuma emotweni ebipakwe endaweni okupakwa kuyo izimoto, kubika iKansas City Star.

OLUNYE UDABA:Uphinde washona otholwe ephila emakhazeni

Amaphoyisa, athi le ndoda yaseLenexa, eKansas, kubonakala sengathi yazibulala, kodwa ayikho imininingwane esavelile.

Kubikwa ukuthi isidumbu sale ndoda besimbozwe ngengubo yokulala ngesikhathi sitholakala.

Amaphoyisa ayaphenya ngokutholakala kwalesi sidumbu ngemuva kwezinyanga ezingu-8.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.