Kutholwe isidumbu sowesifazane emhosheni

2017-09-09 09:20

Johannesburg - Kuvulwe icala lokubulala kulandela ukutholakala kwesidumbu sowesifazane onqunu enexeba lokugwazwa emhlane, emathangeni nasesinqeni eSebokeng, e-East Rand.

Izakhamuzi zaseZone 3 nezase-Zone 6 bezingakukholwa ezikubone ngoLwesine ekuseni ngesikhathi kutholwe isidumbu sowesifazane enqunu sintanta emhosheni, kubika iSedibeng Ster.

Owesifazane osemncane ongathandanga lidalulwe igama lakhe, uthe ubehamba nezingane zakubo beya esikoleni ngesikhathi bebona into ethile emhosheni.

OLUNYE UDABA:Kutholwe isidumbu sentombazane, 16, emagcekeni ehholo

"Ngesikhathi sesisondela ebhulohweni sibone umzimba untanta phezu kwamanzi, sabe sesibona ukuthi umuntu oshonile.

"Ngizamile ukushayela amaphoyisa, ngibe ngizama nokuthi izingane zasekhaya zingasiboni isidumbu," usho njalo.

Iningi labantu ebelikhona endaweni yesigameko belizwakala lithi: "Le mbudane kufanele iphele! Odadebethu babulawa njengezinja, amaphoyisa awenzi lutho njengoba kungakaboshwa muntu!"

Okhulumela amaphoyisa aseEvaton uCaptain Aubrey Moopeloa uqinisekise ukuvulwa kwecala lokubulala.

"Kusolwa ukuthi umufi uneminyaka ebalekwa kweko-23 ubudala. Kutholwe ummese eduzane nesidumbu," kusho uMoopeloa.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.